
Ngikhohlisiwe.
Ngigwetshwe kuze kube phakade
Kodwa ngikhohlisiwe.
Mina, siqu sami, nginguSiqalekiso.
Ngihamba umhlaba nje, ngiyisono
Mina, muntu owesifazane.
Ngoba ngalandela emva kwakho
Ngoba ngibunjwe emva kwakho
Ngaphutha phambi kwakho,
Awukhohlisiwe wena,
Awuphambukile wena.
Ngikhohlisiwe.
Ngigwetshwe kuze kube phakade
Kodwa ngikhohlisiwe.
Akusho lutho ukuthi awusiye uAdam.
Akusho lutho ukuthi angisiye uEva.
Okubalulekile ukuthi
Mina, siqu sami, nginguSiqalekiso.
Ukuba umuntu owesifazane,
Ukuba umuntu owesimame
Kuyisiqalekiso sami
Kanye nesono sami.
Konakele ngami.
Owami umlomo
awufundisi,
awukhulumi.
Eyami inqondo
ayiqondile
ayiqondisi
ayiqondeki.
Ngikhohlisiwe.
Ngigwetshwe kuze kube phakade
Kodwa ngikhohlisiwe.
Ngiqanjwe
unomaqhinga
unomkhuba
uPhambukile kuze kube phakade
Kodwa ngikhohlisiwe.
No comments:
Post a Comment